Usuzwile ngokusakazeka ngokushesha kwe-COVID-19 nokuthi abantu abaningi bathola leli gciwane nsuku zonke.

Kodwa igciwane lisakazeka kanjani ngempela?

Futhi lifinyelela kanjani kubantu abaningi kangaka ngokushesha?

Lona uJoe. Sizokutshela ngosuku lwakhe ukuze sikubonise ukuthi lokhu kwenzeka kanjani.

UJoe uya ethilomu esikoleni. Uma umfundi oqhele ngamafidi ama-3 kuye ekwehlela, uJoe uhogela izinsalela zegciwane ezingamaconsi.

Njengamagciwane amaningi, i-COVID-19 isakazeka ngamaconsi emoyeni:

  • Ungahogela amaconsi uma othile eduze kwakho onegciwane ekhwehlela, ethimula, ngisho noma ekhuluma
  • La maconsi angafinyelela nasebangeni elingamafidi ayi-6

Kusengenzeka nokuthi uthole i-COVID-19 ngokuthinta indawo umuntu one-COVID-19 asayithintile kakade, bese uzithinta ubuso.

Kusengenzeka ukuthi abantu abathile bathwale igciwane bese belisabalalisa bengazi.

  • Izimpawu zingase zingabonakali izinsuku futhi ungathelela abanye abantu ngaleso sikhathi
  • Ukusakazeka kwegciwane kuqala kancane kancane njengomsele, bese kuba umsinga kugcine sekuyimpophoma
  • Inani labantu abagulayo liyaqhubeka landa njengoba igciwane lisakazeka ngokushesha okukhulu
  • Umuntu ngamunye onegciwane angalisakazela kubantu aba-2 noma aba-3, ngakho njengesibonelo, uma abantu aba-2 benegciwane, lokhu kuba abantu aba-4, bese kuba abayi-8, 16, 32, 64, 128... njalo njalo kuze kube yilapho abayizinkulungwane sebenegciwane

UJoe udla ilantshi noSarah noLatasha, akazi ukuthi manje usenegciwane futhi angalisakaza ngokukhuluma nje.

Izinsuku ezimbalwa kamuva, uSarah uya emshadweni womndeni bese eqala ukukhwehlela... edlulisela igciwane kwezinye izivakashi ezihogela amaconsi.

Ngisho nengcosana yabantu abasembuthanweni omkhulu bangadlulisela igciwane kubanye abengeziwe.

Uma kungekho okwenziwayo ukunqanda lokhu kusakazeka, abantu abaningi bazogula kanyekanye ngesikhathi esifushane kakhulu.

ULatasha uhlala ekhaya.Akalisakazi igciwane.

Ukusakazeka ngokushesha kwe-COVID-19 kunganqandeka.

  • Yiba nemikhuba eyisisekelo yezempilo nenhlanzeko, njengokugeza izandla
  • Thola imithi yokugomela i-COVID-19 yakamuva
  • Hlolelwa i-COVID-19 uma kudingeka
  • Yiba sendaweni eshaya umoya
  • Landela izincomo zokuthi yini okufanele uyenze uma uchayeka egciwaneni
  • Hlala ekhaya uma kusolwa noma kuqinisekisiwe ukuthi une-COVID-19
  • Funa ukwelashwa uma une-COVID-19 futhi usengcupheni ephezulu yokugula
  • Gwema ukuthintana nabantu okusolwa noma okuqinisekisiwe ukuthi bane-COVID-19

Izinhloso zokunciphisa izinga lokutheleleka:

Ukunciphisa isibalo sabantu abagulayo esikhathini eside ukuze abantu bonke bangaguli ngasikhathi sinye. Lokhu kuthiwa “ukunciphisa ukusakazeka.” Lokhu kusiza:

  • Ekunikezeni izibhedlela nezisebenzi zezempilo ithuba nezisetshenziswa ezidingekayo zokunakekela abantu abagulayo kangcono
  • Ekunikezeni ososayensi isikhathi sokufunda kabanzi ngegciwane nokuthi bangalelapha noma balivimbe kanjani

NAWE ungasiza ekunqandeni ukusakazeka kwe-COVID-19 futhi usindise izimpilo zabantu!