Imibuzo Ebuzwa Njalo

Lude kangakanani ucwaningo?

Ezigulini eziyinkomba, ucwaningo luzoba okungenani usuku olu-1 futhi lungeqi ezinsukwini ezi-3. Usuku 3 ukuvakasha kokuzikhethela kokuthathwa kweswabhu yamakhala nokubika izimpawu. Ubude besikhathi sokwelashwa buyothatha izinsuku ezifinyelela kwezi-5, bese kuba ukulandelela kusukela ngoSuku 6 kuya ku-28 kubabambiqhaza.

Yini ucwaningo lwe-SCORPIO‑PEP olunethemba lokukuthola?

Ucwaningo lwe-SCORPIO-PEP lwenzelwa ukuthola ukuthi ingabe umuthi osaphenywa, i-S-217622,
ungayivimbela yini i-COVID-19 kulabo abachayeke kuyo. Lolu cwaningo luzoqhathanisa inani
lababambiqhaza abangenwa yi-SARS-CoV-2 (igciwane elidala i-COVID-19) kanye nezimpawu ngesikhathi
bephuza amaphilisi i-S-217622 uma kuqhathaniswa nalabo abaphuza amaphilisi omuthi-mbumbulu.

Kuyini ukwelashwa kokuvimbela isifo?

Ukwelashwa kokuvimbela isifo okucwaningwayo yi-S-217622. I-S-217622 umuthi ophuzwa ngomlomo izinsuku ezi-5 zilandelana.

Kucatshangwa ukuthi ukwelashwa kokuvimbela isifo kusebenza kanjani?

I-S-217622 iyi-SARS-CoV-2 protease inhibitor. Ama-protease inhibitor yimithi esebenza ngokuphazamisa ama-enzyme ahlukanisa amaphrotheni abalulekile emjikelezweni wokuphila kwegciwane. Ama-protease inhibitor asetshenziswa kabanzi ukwelapha amanye amagciwane njenge-HIV/AIDS ne-hepatitis C.

Ubani ongajoyina ucwaningo?

Kunezinhlobo ezimbili zabantu abangajoyina lolu cwaningo. Abantu abaneminyaka eyi-12 nangaphezulu abahlala endlini eyodwa nothile one-COVID-19 (kodwa abangenayo i-COVID-19 uma behlolwa) kanye nezingane noma abantu abadala banoma ibuphi ubudala abane-COVID-19 enezimpawu futhi okutholakale ukuthi banegciwane uma behlolwa.

Kuthiwani uma nginquma ukujoyina ucwaningo kodwa bese ngishintsha umqondo?

Ukubamba iqhaza ocwaningweni kwenziwa ngokuzithandela ngokuphelele futhi ungashiya ucwaningo nganoma isiphi isikhathi.

Kungani sidinga ukwelashwa okusha kokunqanda i-COVID-19 kanti sesinayo kakade imithi yokugoma?

Yize kunemizamo yomhlaba wonke yokugomela i-COVID-19, kuye kwavela izinhlobo ezihlukene ze-SARS-CoV-2. Lezi zinhlobo ezintsha zegciwane zingasakazeka kalula futhi zinciphise isivikelo somuthi wokugoma. Kunengcuphe yokugula okubucayi, ukulaliswa esibhedlela, nokufa kubantu abagonyiwe abanezifo ebezilokhu zikhona. Kudingeka ukwelashwa okusha kokuvimbela ukusakazeka kwe-COVID-19.

Ulwazi lwami lomuntu siqu luvikelwa kanjani?

Wonke umuntu okulesi sivivinyo uzonikezwa inombolo yesihlonzi ehlukile ngumxhasi, i-Shionogi. Noma imaphi amarekhodi noma izingobolwazi zizoba nale nombolo kuphela, hhayi igama lombambiqhaza noma olunye ulwazi olumgagulayo.

Ngizoyithola kuphi imiphumela yalolu cwaningo?

Imiphumela yalolu cwaningo izonikezwa umphakathi kuwebhusayithi ye-US National Institutes of Health ku-www.ClinicalTrials.gov. Imiphumela yalolu cwaningo ingase ishicilelwe noma yethulwe emihlanganweni yesayensi.