Luyini ucwaningo lwe-SCORPIO-PEP?

Yize kunemizamo yomhlaba wonke yokugomela i-COVID-19, kuye kwavela izinhlobo ezihlukene ze-SARS-CoV-2. Lezi zinhlobo ezintsha zegciwane zingasakazeka kalula futhi zinciphise isivikelo somuthi wokugoma. Kunengcuphe yokugula okubucayi, ukulaliswa esibhedlela, nokufa kubantu abagonyiwe abanezifo ebezilokhu zikhona. Kudingeka ukwelashwa okusha kokuvimbela ukusakazeka kwe-COVID-19.

Ucwaningo lwe-SCORPIO-PEP lwenzelwa ukuthola ukuthi ingabe umuthi osaphenywa, i-S-217622, ungayivimbela yini i-COVID-19 kulabo abachayeke kuyo.

Ukuqonda ucwaningo lwe-SCORPIO-PEP

Buka le vidiyo ukuze ufunde kabanzi ngocwaningo lwe-SCORPIO-PEP

Ukuqonda Izivivinyo Zezokwelapha

Ucwaningo lwezokwelapha luyizinhlobo zocwaningo olwenzelwa ukufunda kabanzi mayelana nendlela umzimba osabela ngayo emuthini othile nokuthi ingabe lowo muthi uyasebenza yini esifweni noma ekuguleni okuthile. Buka le vidiyo ukuze ufunde kabanzi ngezivivinyo zezokwelapha nokuthi zisebenza kanjani.

Buka ividiyo

Ubani ongabamba iqhaza?

Kunezinhlobo ezimbili zabantu abangajoyina lolu cwaningo.

Ababambiqhaza

yilabo:

Icon of a large purple 12 with an orange circle around it, Age Requirement

Abaneminyaka eyi-12 ubudala noma ngaphezulu

Icon of a Covid-19 virus in a purple and orange gradient, Negative Covid-19 Test

Abatholwe bengenayo i-COVID-19 uma behlolwa

Icon of a purple house with an orange door and window, Agree to join within 72 hours of Covid-19 symptoms

Abavumayo ukujoyina ucwaningo engakapheli amahora angama-72 ngemuva kokuqala kwezimpawu ze-COVID-19 esigulini esiyinkomba

Icon of a piece of paper with lines on it represents an eDiary; Complete daily eDairy entries

Abazimisele ukugcwalisa idayari yesiguli

Iziguli eziyinkomba

yilabo:

Two icons of people represent children and adults are able to be index patients for the Scorpio-Pep Study

Abayizingane noma abantu abadala banoma ibuphi ubudala

Icon of a purple house with an orange door and window, Agree to join within 72 hours of Covid-19 symptoms

Abangabantu bokuqala abatholwe bene-COVID-19 emndenini uma behlolwa.

Icon of a Covid-19 virus in a purple and orange gradient, Positive Covid-19 Test 72 hours or less after randomization

Abatholwe bene-COVID-19 uma behlolwa phakathi namahora angama-72 noma ngaphansi okufakwa ngokungahleliwe kombambiqhaza

Icon of a purple and orange clock, 1 Covid-19 symptom within 24 hours of consent or assent

Abanophawu okungenani olu-1 lwe-COVID-19 phakathi namahora angama-24 benikeze imvume/bevumile.

Thola isikhungo socwaningo

Kuyini ukwelashwa kokuvimbela isifo?

Ukwelashwa kokuvimbela isifo okucwaningwayo yi-S-217622. I-S-217622 umuthi ophuzwa ngomlomo izinsuku ezi-5 zilandelana.

Akukho ukwelashwa kokuvimbela isifo okuzonikezwa iziguli eziyinkomba.

Kuyoba namaqembu amabili okwelashwa kwababambiqhaza ocwaningweni lwe-SCORPIO-PEP.

Illustration of a purple hand holding an orange pill, Group 1, S-217622

Iqembu 1: I-S-217622

Illustration of a purple hand holding an orange pill, Group 2, Placebo, no active ingredient

Iqembu 2: Umuthi-mbumbulu

(engenasithako esisebenzayo)

Thola isikhungo socwaningo

Kwenzekani ngesikhathi socwaningo?

Ezigulini eziyinkomba, ubude bocwaningo buzoba okungenani usuku olu-1 futhi lungeqi ezinsukwini ezi-3.

Kubabambiqhaza, ucwaningo lunezingxenye ezi-3: ukuhlungwa, ukwelashwa, nokulandelela.

Ubude bocwaningo yizinsuku ezingama-28 futhi lunokuvakasha kocwaningo okuyi-7 noma okuyi-8.

Isikhathi Sokuhlungwa

Usuku 1
ukuvakasha oku-1

Uyonikezwa ifomu elinalo lonke ulwazi mayelana nocwaningo. Sicela ubuze udokotela wocwaningo noma izisebenzi zocwaningo nganoma yini ongayiqondi noma ongathanda ukuba ichazwe kabanzi. Uma wena/ingane yakho ivuma ukujoyina, uzocelwa ukuba usayine futhi ufake usuku eFomini Lemvume ngaphambi kokuba kwenziwe noma ikuphi ukuhlola noma izinqubo. Intsha izosayina futhi ifake usuku eFomini Lokuvuma Unolwazi. Kuyokwenziwa ukuhlola kwempilo namathesti ukubona ukuthi ingabe ucwaningo lukulungele yini wena/ingane yakho.

Isikhathi Sokwelashwa

Izinsuku 1 kuya ku-5
ukuvakasha oku-1

Uma ucwaningo lukulungele wena/ingane yakho, kuyoqalwa ukwelashwa kokuvimbela isifo. Idosi yokuqala yomuthi wokuvimbela isifo izothathwa esikhungweni socwaningo ngoSuku 1. Wonke amanye amadosi azothathwa ekhaya.

Ababambiqhaza bayocelwa ukuba barekhode izimpawu zabo ze-COVID-19 kudayari kabili ngosuku kuze kube uSuku 28. Idayari kufanele igcwaliswe cishe ngesikhathi esifanayo nsuku zonke.

Isikhathi Sokulandelela

Izinsuku 6 kuya ku-28
ukuvakasha oku-5

Ngesikhathi sokulandelela kuyoba nokuhlolwa kwempilo okwengeziwe namathesi okubhekela ukuphepha kwakho.

Imibuzo Ebuzwa Njalo

Yiziphi izinhlobo zamathesti nokuhlolwa kwempilo engingazilindela?

Akuwona wonke amathesti ayokwenziwa kukho konke ukuvakasha.

Usukulungele ukuqalisa?

Bheka ukuthi ingabe lukulungele yini ucwaningo lwe-SCORPIO-PEP noma uthole isikhungo eduze nawe.

Thola isikhungo socwaningo

Thola isikhungo socwaningo

Iyabonisa 0 Imiphumela Eduze Kwawe